Nkosingiphile Ntombela
Ukufika kwekhovidi 19 kuphazamise izinhlelo eziningi kumaciko eKZN kakhulukazi kulawa asavela. Intokazi esencane enethalente yaKwaMpumuza esigodini saseNadi ngesikhathi kuhlasele lobhubhane yona ichaze ngokuthi kwaba ithuba lokuthi izilolonge ibhale izinkondlo yize kwakunzima kuvalwe imcimbi.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uFezile Ngcobo (23) unabe kabanzi ngendlela afisa ukukhula ngayo kwindima yezobuciko.
“Kunzima kakhulu ukuba nje artist inselelo enkulu ukuthi asinazo studio futhi umakunemcimbi bakucela uzonandisa bese ungatholi ngisho imali ongibele ngayo ngakho ngisho ngithi ukunakwa kwama artist kuncane kakhulu eNingizimu Africa nasezindaweni esikuzona asinikwa ithuba ngendlela elinganayo eyenza kubelikhuni kakhulu” kusho uFezile Imbongikazi.


Ngaphandle kokuthi uyimbongi uFezile uzibona ekhula njengoba ebuye angenele kweyonobuhle aphinde abengumphathi izinhlelo mekunemcimbi.Okubaluleke kakhulu lentokazi encane izinkondlo zayo zikhuluma nabantu ziphinde zikhuthaze okwamanje zitholakala kwinkundla zokuxhumana ekhasini lakhe Fezile Imbongikazi.
Unekusasa eliqhakazile🙌loko Ngikubona emsebenzini wakhe uFezile Imbongikazi kanti futhi Njengoba esebazi lobuhlungu bokusetshenziswa unganikezwa lutho, loko kuzomenza aphikelele aze abenotho.. Ngelinye ilanga uyobe esexoxa imdaba
syabonga