Intokozo kusikwa isoyi ledamu elizophakela izifunda eMgungundlovu.

Nkosingiphile Ntombela

Kube intokozo emphakathini waseMsunduzi ku wadi – 39 lapho uMphathiswa Wezamanzi uSenzo Mchunu ehambisana noNgqonqgoshe uMama uBongi Sithole- Moloi, iNkosi Ndabezitha R.S Shinga ,iNkosi KS Zondi, uMeya waseMgungundlovu uKhansela Mzi Zuma , uBuholi Base Harry Gwala, Ugu, ITheku Kanye neLembe baphendule bukhoma izindingo zalomphakathi zamanzi ngaphansi kwesigqi esithi ’Amanzi Ayimpilo’. Izolo lobuholi bubone bukhoma indawo lapho kuzokwakhiwa khona idamu uMkomaas.

Isithombe : Iziphathimandla zemikhandlu zisika isoyi ngokusemthethweni eMgungundlovu.

Okuhlalukile ngalohlelo lukahulumeni amamakhosi aseMgungundlovu alushayele ihlombe njengoba iNkosi R.S Shinga echaze kwabezindaba wathi ”Njengosihlalo wamakhosi kuyathokozisa ukuthi uHulumeni azokwethula idamu elizosiza ekutheni sikwazi ukusizakala njengoba entuleka amanzi emphakathini ,sibonga nokuthi siyabizwa singamakhosi mekuzokwethulwa ithuthuko emphakathini ngoba konke okweziwa uhulumeni kuyintokozo masikhona sizoqinisekisa ukwethulwa kwentuthuko ezindaweni esizingamele samaKhosi”

Isithombe : INkosi KS. S Zondi ongusekela sihlalo wamaKhosi aseMgungundlovu,iNkosi R.S Shinga usihlalo wamaKhosi eMgungundlovu.

Lentuthuko ezoxazulula izinkinga zokuntuleka kwamanzi lithakaselwe nawubukhosi baKwaMpumuza.
INkosi KS Zondi ongusekela sihlalo wamakhosi aseMgungundlovu ulishayele ihlombe loluhlelo lokumbulwa kwesoyi lwamanzi. “Kubintokozo ukuthi uHulumeni ezokwethula uhlelo oluzosiza kumphakathi waseMgungundlovu kusho lukhulu siyathokoza kakhulu, okunye okungishaya umxhwele kuzovuleka namathuba emsebenzini kwizakhamuzi zaseMgungundlovu, siyathokoza kakhulu siyi Mpumuza Traditional Counsil” kunaba iNkosi K.S Zondi ongusekela sihlalo wamakhosi aseMgungundlovu.

Lelidamu lizoshintsha izimpilo zabantu abangu 6 million kanti Umngeni- uThukela Water wona uzokwakha isihlanzi manzi khona kulendawo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link