Isililo kudlula ilungu eliqavile kwi nhlangano yamakholwa – Kwabazobanhloso Bible Sharing and Motivational Group

Nkosingiphile Ntombela

Abanhlangano yebandla lamakholwa eNingizimu Africa I-Abazoba Nenhloso Bible Verses Sharing and Motivational Group kubathusile ukudlula kwelunga labo eliqavile uNothando Zulu.
UMfundisi Z.N Malinga umuchaze njengelunge ebekikhuthele ekwakheni nasekufukuleni iGroup njengoba ebesiza kakhulu makuhlelwa nezinkonzo zenhlangano.

“Ukudlula kuka Nkzn Nothando Zulu kube izindaba ezimbi osukwini kakhulukazi nakwi Group yethu Kwabazobanhloso silimele kakhulu ukuhamba kwakhe kuzoshiya isikhala esikhulu,kodwa okubalulekile ukuthi siwukhulekise umndeni kulesikhathi obhekene naso siwubeke emthandazweni. Kubuhlungu khona yize konke kuhlelwe umdali owazi konke thina njengenhlangano ukuthi sikhuleke simunxusele eNkosini ukuze imisebenzi emihle ayenzile emhlabeni imukhanyisele.Kwibandla abekhona kulo KwaDabeka sithi alwehlanga lungehlanga nakumalunga Abazoba Nenhloso Bible Verses Sharing and Motivational Group sithi uThixo asibophe ngebhande likamoya kulesikhathi esikuso njengamanje” kuphetha uMfundisi Z.N Malinga ongusihlalo we – Abazoba Nehloso Bible Verses Sharing and Motivational Group eMnambithi.

Khonamanjalo uMfundisi Ndlovu webandla Ukukhanya Kwesisekelo Somthombo waKwa Dabeka Claremont eKZN ukhale kakhulu ngendlela abezinikele ngayo emsebenzini wenkosi kakhulukazi ekufundiseni abantwana kusontoskole, nasekubeni nemibono ebibeka phambili ibandla ukuze likhule ingakho balimele kakhulu beyibandla ngokuhanjelwa umzalwane obezimisele ekusebenzeleni ibandla nasekubambiseneni okuhle nabazalwane.uMfundisi Ndlovu uthe okubalulekile beyibandla ukududeza bazithobe njengoba lishonjalo izwi leNkosi, baphinde babeke nomndeni kaNksz Nothando Zulu emkhulekweni ngasosonke isikhathi.

Izinhlelo zokufihlwa kukaNksz Nothando Zulu okwamanje bezingakoqinisekiswa njengoba ehambe ngokukhulu ukuzuma ngomhlaka 30 KuNtulikazi ka 2024.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link