Izigameko zokulawa kwabantu abesifazane eThekwini sekwinsakavulela njengoba usuku nosuku kuba nezigameko zokubulawa kwabantu kakhulukazi abesifazane.
Umphakathi waseMgababa naseLovu usathuthumela emva kokubulawa komphathi wenkulisa iYellow Beez eseMgababa uSdu Ndaba odutshulwe wabulawa umyeni wakhe oyiphoyisa ebusuku bangesonto zingu 14 May 2024.
Lesigameko sishiye abazali bezingane zasenkulisa bekhathazekile njengoba uNkkz Sdu Ndaba ekade eyithemba labo futhi ewumuntu omusha obesakhula kwezamabhizinisi.

Isithombe : UNkkz Sdu Ndaba ongumphathi wenkulisa IYellow Beez eMgababa
Kuzinkundla zokuxhumana abesifazane bakhala ezimathonsi bathi abasoze bamukhohlwa wabenzela indumezulu eMgababa Beach ngonyaka odlule bebungaza usuku lwabo okwakuwumcimbi odume nge “Umgababa Doek On Fleek” okuwumcimbi obesephezu kwenzinhlelo zawo zokuwenza inhlandla lesibili njengoba meseqalile ehlela ukuwenza ngo Agasti kulonyaka.
Isizathu sokudutshulwa kwakhe umyeni naye ozidubule wafela khona emzini wabo oseLovu azikaziwa kodwa amaphoyisa avule idokodo lokuphenya ngokwenzeka kulobusuku okwenzeka ngalo isigameko.
