Isongwe ngegiya eliphezulu iMpumuza Schools League

Nkosingiphile Ntombela

Ziphume ngobuningi bazo izikole ezingamashumi amabili nesithupha zakwa Mpumuza ebezibambe iqhaza kwilogi yezikole.Kulemidlalo kudlale amaqembu ebhola lezinyawo nomnqakiswane ezikole kanye namaqembu abadlali abangaphezu kweminyaka engu 35. Lendumezulu yezemidlalo ibibanjelwe Sweetwaters Stadium ngeSonto mhlaka 14 kuNtulikazi ka2024.

OnguMhleli wezemidlalo ngaphansi kweMpumuza Traditional Counsil uMnu Hlangani Mchunu unabe kabanzi ngendlela ebeyimpumelelo ngayo lemidlalo ebigcwele phama inkundla amaqembu edlala eyamanqamu okusonga kwelogi eqale ngoNtulikazi ka 2023 ebisisongwa kuNtulikazi ka 2024.
“Esingakusho imidlalo ihambe kahle kakhulu sibonga ukubambisana okuhle namaqembu nanezikole esibambisene nazo kakhulukazi kubadlali abakhombisa ukukhula kakhulu kulomkhakha, esithemba ukuthi njengoba kuyimidlalo eqhubekayo kuningi esikufundile ngokusingatha lemidlalo, sibonga ukuzihlonipha kwabakade bezobuka beseka amaqembu abawasekayo, nakothisha abakade beqaphe abafundi siyabonga kakhulu ngokuzinikela kwabo nangesikhathi sabo” kuphetha uHlanganani Mchunu.

Lemidlalo ebithanyelwe izinkumbi zabalandeli bebhola okukhombise ukukhula kokulandelwa kwezemidlalo KwaMpumuza nanesasasa elikhonjiswe izakhamuzi ebezikhona zizokweseka ezemidlalo.


INkosi KS Zondi wesizwe sakwaMpumuza ubeyingxenye yezethameli ebezikhona zizonikezela nangezindondo kwabanqobile njengoba eyeseka kakhulu inteyisa phambili isizwe kakhulukazi abantu abasha , unabe kabanzi edlulisa ukuthakasela indlela ezemidlalo esezikhule ngayo kulendawo ayiphethe wathi “Kubintokozo ukubona abadlali abasebancane nasebekhulile bekhombisa ukuyithakasela imidlalo, ukubamba iqhaza kwezemidlalo kukuqhelisa nasezenzweni ezibi kakhulukazi ekuqheleni ekusebenziseni izidakamizwa ezigcina ziphazamisa ikusasa lomuntu omusha, ngidlulisa nokubonga kuzozonke izikole zakwaMpumuza ezibambe iqhaza nakothisha bonke kanye nakubaphathi bezigungu zezikole abakwazile ukuthi izikole abazibhekile zibambe iqhaza kwezemidlalo esethembayo kusasa lemidlalo izokhiqiza izihlabani ezophakamisa igama lendawo yaKwaMpumuza” kuphetha Inkosi K.S Zondi.

Oshampeni (Champions) kweze Over 35 Mpumuza Soccer League kunqobe iMvubukazi Fc eholwa iNduna Q. Hlela,
Ezikoleni kumabanga aphezulu kube iSiyanda High School yaphinda iSiyanda yanqoba ebholeni lomnqakiswano (Netball).
Emabangeni aphansi ebholeni lezinyawo kwanqoba iMashaka Primary School kwibhola lomnqakiswano (Netball) kunqobe iZweliyavuza Primary School.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link