Nkosingiphile Ntombela
Ukusebenza ngokubambisana nobukhosi baKwaMpumuza eMgungundlovu ngaphansi kohlelo olubhekekele ukusebenza kwezikole luthele izithelo ezinhle, kakhulukazi kulezikole ezike zangalawuleka ngenxa yezinxushunxushu ebezibakhona kuzo.

Esinye sezikole esike sangalawuleka KwaMpumuza iSiyanda Secondary School kwasiza ukungenelela kweNdlunkulu eholwa iNkosi K.S Zondi ekubhulweni komlilo owawenza kungasebenzeki nasekufundeni kwenzingane kwaphazamiseka ngenxa yezinkinga ezazibhekene naso lesikole.
Ngolwesithathu kuNhlaba zilunye umkhandlu osanda kuphakanyiswa ekuholeni lesikole (SGB) bewucele iNkosi K.S Zondi ukuzoyinika izibusiso njengoba bekade bebambe umhlangano wokuqala bezobhunga ngezinhlelo ekumele baziqhube ukuze lesikole siyephambili kuqine nokusebenzisana.

OnguSihlalo wekomiti elibhekele ukulawulwa kwesikole uNduna PS Qwabe uncome kakhulu ukungenelela kweNdlunkulu ekwenzeni kubenozinzo kulesikole uchaze wathi “Siyabonga kakhulu eNdlunkulu ngokuthi masikhala bayasizwa, ukungenelela kweNkosi K. S Zondi mhla sibhekene nezinkinga kulesikole kusisizile kakhulu ingako sikhothamile sacela ukuthi azosipha izibusiso zokuthi siwusingathe kahle lomsebenzi wokulawula isikole, ngalokho siyabonga nganayi inqama esomunika njengesipho sokuthi iNkosi mawibiza kumele uyinike isipho esivela kithi siwumkhandlu olawula iSiyanda Secondary School” kuphetha iNduna PS Qwabe.

Khonamanjalo iNkosi K.S Zondi ibonge ukuthi abalawuli beSiyanda Secondary School basancike kakhulu esikweni nasekubambiseneni nomkhandlu waKwaMpumuza “Ekumele sikubonge ukuthi njengoba izikole zikhona ngaphansi kwe Mpumuza Traditional Counsil nathi sinohlelo oluthi “Ubukhosi Emfundweni” olubhekelela zonke izinkinga nezinto ezithinta imfundo, abalawuli bezikole sibavulele izandla ekutheni basondele kubhekwe izinto ezingayisa imfundo phambili kuphinde kuthuthukiswe izikole zakwaMpumuza, konke lokho kudinga ukubambisana kwabasuke bephethe izikole, Syabonga ngokuthi amagalelo alohlelo “Ubukhosi Emfundweni” seziyabonakala izithelo zalo” kuphetha iNkosi K.S Zondi.
Kukomhlangano abekhona wonke amalunga esigungu esilawula isikole, aphinde ayohambisa isipho semvu ngokohlelo lwesintu basiyisa eNdlunkulu KwaMpumuza komkhulu.