Nkosingiphile Ntombela
INkosi yesizwe saKwaMpumuza iNkosi K.S Zondi uqhubekile nokuqedela izinhlelo zokupha abafundi abenze kahle kumatikuletsheni ka 2024.Okugqamile ohlelweni lweMTC ibambisene nenkampani Isicelo Business Consulting kuhlomule abafundi abaningi besikole iSt John Paul II ,lesikole esiphase ngo 100% saphinda saba nabafundi abakwi Top 10 eqoqweni lezikole zaKwaMpumuza.


Lomcimbi uqhubeke emva kwendumezulu yomcimbi wama-Awards obuhanjelwe nangusekela Mengameli wezwe uMnu Paul Mashatile okhiphe nesitatimende wathi bazonikela ngomfundaze kubafundi abangamashumi amahlanu baKwaMpumuza,uMnu Paul Mashatile uphinde wabongela isizwe saKwaMpumuza ngokuba nomholi obeka phambili ezemfundo iNkosi K.S Zondi.

Ethula inkulumo emcimbini wokunikezela ngama laptop iNkosi K.S Zondi inabe kabanzi ngokubaluleka kwemfundo kulesikhathi samanje wathi ” Siyabonga kulabafundi abaphakamise igama laKwaMpumuza ngokuphasa kahle ,Nani bafundi kumele nifunde ngokuzimisela ngoba imfundo isona sikhiye sempumelelo,mungafundanga impilo angeke ibelula kumele niphase kahle okusho ukuthi kumele nizimisele kakhulu niphase nidlule laba esizobapha ama laptop abaphase kahle ku matric ka 2024,ngibafisela inhlanhla njengoba bezoqhubeka bayekwizikhungo zemfundo ephakeme,engikucelayo kubo ukufika bazimisele ukuze babuye bazophakamisa lesizwe saKwaMpumuza esidinga abantu abasha abanamava okuthuthukisa isizwe.Ngyabonga nakothisha ngokusebenza kwabo nangendlela abazimisele ngayo syayibona imiphumela emihle,sengiphetha siwumkhandlu waKwaMpumuza sizoqhubeka sizibeke eqhulwini ezemfundo nakulonyaka ngoba sifuna 100% ,konke okuzoba izithiyo emfundweni sobamba songenelela ngokushesha sibambisane namathimba alawula izikole ukuze kuyiwe phambili kungabi khona sikole esingalawuleki ngandlela esizweni engisiphethe” kuphetha iNkosi K.S Zondi.

Okuhlalukile uhlelo olubizwa ngokuthi “Ubukhosi Emfundweni” buthela izithelo ezinhle seloku lwaqala eminyakeni emithathu edlule abafundi besizwe saKwaMpumuza baphasa ngamalengiso muqhathanisa nezinye izifunda eMgungundlovu.
Khonamanjalo kulomcimbi abafundi bakujabulele ukuphiwa izipho zama laptop okuphinde kwakhuthaza nabanye abafundi abasafunda umatikuletsheni ka 2025 okulindelwe imiphumela emihle njengeka Matric 2024 osematheni kulezinsuku obeke nesifundazwe saKwa Zulu Natali salala isibili ngokuphasa kuzwelonke.