Nkosingiphile Ntombela
Ukusebenza kwamabandla akugcini ngokushumayela izwi leNkosi, kuwumsebenzi oqhubekayo ekwakheni isizwe kakhulukazi abantu abasha kanye nasekukhuliseni umphakathi ngokwenza izinhlelo zokukhulisa intsha yaseNingizimu Africa.
Ababendla iThembeni Gospel Church eholwa umphostoli N.J Shezi bahlele ingqungquthela yabantu abasha mhla zingu 01 kuNhlangulane (June) 2024 edolobheni uMgungundlovu ngenhloso yokubungaza ukuqala inyanga yabantu abasha ngendlela ehkukile kulonyaka.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uMphostoli N.J Shezi unxuse kakhulu abantu abasha ukuthi baphume ngobuningi babo bazothamela kakhulukazi kulabo abasafuna ukuthola ithuba lesibili empilweni “inxoso yebandla ngokwenza lomkhuleko ukuzokhuthaza intsha esingene kwidakamizwa ukuthi isanalo ithuba lokuthi isizakale kwizinhlaka zebandla ezizinikele ekusizeni intsha yakithi esicwile kwizidakamizwa, okusenze sakhetha lohlelo ukuthi siyibandla kusikhathaza kakhulu ukubona abantu abasha becwila kwizidakamizwa ekubeni bayikusasa lezwe lethu, okumqoka ukubakha kabusha njengoba kuzoba nezihambeli ezoshiyelana inkundla. Sinxusa wonke umuntu omusha oseMgungundlovu namaphethelo abingxenye yalosuku lwentsha” kuphetha uMphostoli N.J Shezi.

Insizwa esencane Lindani Manyoni ozoshiyelana inkundla nezekhulumi ngalosuku naye oseke wabhekana nengwadla yokucwila kwizidakamizwa uthembise lukhulu njengoba ezoba ingxenye yalosuku olumqoka kubantu abasha “okungenze ngaluthakasela losuku ingoba kuyisifiso sami ukuthi abantu abasha bangafiki lasengadlula khona njengoba ngike ngazisebenzisa izidakamizwa kodwa ngokusizwa ngohlelo kwe” rehab” ngagcina ngikwazile Ukuphuma ingako ngicela intsha ifike izozwa ngami ngiyiqwashisa ngezidakamizwa ezilimaza nekusasa kumuntu omusha, kodwa okuningi socobelelana nayo intsha sisizane lesibona khona kumele kusizwane ukuze siyephambili siyibantu abasha kusho uLindani Manyoni ozobekhona kwithimba elizokhulumisana nentsha kubhungwa ngezindlela zokugwema ukusebenzisa izidakamizwa.
Khonamanjalo uMnu Skhakhane ulishayele ihlombe lohlelo athe kumjabubulise kakhulu njengelunga lebandla makuqalwa izinhlelo ezinjengalezi ezohlanganisa intsha kuphinde kuqwashiswe ngobungozi bezidakamizwa, ubonge kakhulu kuMphostoli N.J Shezi nakwithimba ahlela nalo,aqinisekisile ukuthi lohlelo uyalweseka kakhulu unxusa abantu abasha bafike ngobuningi babo. Lenkonzo izobanjelwa eMandela Park kuPietmaritz Street eMgungundlovu ngoMgqibelo (01 June 2024) izoqala ngehora lushuni ekuseni nanye kuyakwihora lesine ntambama.