Kuhlomule abafundi abangu 230 kuhlelo lokunikela ngomfaniswano eMnini.

Nkosingiphile Ntombela

Uhlelo eluholwa iNkosi Phathisizwe Luthuli Foundation luthakaselwe kakhulu abafundi kanye nothisha kwizikole ezihlomulile njengoba ngezi 17 kuNtulikazi ka2024, Liqhubeke ngempumelelo kwahlomula abafundi baseNkosi Mcothoyi High School kanye nabaseNkosi Mnganiwakhe High School ngomfaniswano ophelele.

Ethula inkulumo uNdabezitha iNkosi P Luthuli uchaze ukubaluleka kokuqondiswa kolimi lwesintu kubafundi lapho ebacacisele khona ngokwazi ukwehlukanisa phakathi kukagogo nokhokho njengoba sekudume ekagogo okuyisizulu okungesona ekumele silungiswe kakhulukazi kubafundi abasezikoleni.


“Ukubaluleka kokwazi ulimu lwebele kuyinto bafundi ekumele niyiqonde ningaphambanisi ngoba ulimu lwesintu ilona ekumele singaluphambanisi, imfundo njengamanje iyona ekumele niyiqikelele ukuthi niyafunda niyaphasa ukuze nivuse amakhaya niphinde nakhe nesizwe ngemfundo.Okumqoka njengoba sinikela ngalomfaniswano sisekela imfundo ukuthi ayiqhubeke kubantu abasha. Kuzokhumbuleka ukuthi izinhlelo ezinjengalezi asiqali ngazo unyaka nonyaka sinikela ngama laptop kubafundi abaphase kahle kumatikuletsheni esithembayo ngonyaka ozayo bazoba baningi abazolanda ama laptop engiwapha abafundi abaphase kahle. Sibonga ukusebenza okuhle nabaphathi bezikole ukuze lohlelo luqhubeke ngempumelelo, siyathemba zonke izikole eziyishumi nane (14) sizohamba sifike kuzo ngokubambisana okuhle nabasixhasile kulohlelo. ” kuphetha INkosi P Luthuli Wesizwe saseMnini eNingizimu neTheku.

Onguthishanhloko waseMcothoyi High School uMs B Mkhize ubonge kakhulu kwiziphathimandla zeNkosi Phathisizwe Luthuli Foundation ngokulula isandla kubafundi wasebongela nabafundi abahlomule kulohlelo lokunikezela ngomfaniswano, uMs B Mkhize ushaye ikhwelo kubafundi wathi njengoba behlomula kubalulekile ukuthi baqhubeke bazinikele emfundweni njengoba kubalulekile ukuzinikela emfundweni kwenza ikusasa eliqhakazile.

Khonamanjalo usihlalo weNkosi Phathisiwe Luthuli Foundation uMnu Lungani Makhathini uchaze lohlelo njengezinye zezinhlelo abazoqhubeka bazifake eqhulwini njengoba bezinikele ekusebenzeleni umphakathi waseMnini beyiNkosi Phathisizwe Luthuli Foundation.

UMnu Lungani Makhathini ubeseqhubeka wabonga kubobonke abalule isandla njengoba kwizikole ezinhlanu kuhlomule abafundi abangu 230 sebebonke.Kulezikole ezakhiwe endaweni yeNkosi P Luthuli ezihlomulile iMagcino Primary School, Umgababa Primary School, Umnini Primary School, Mcothoyi High School kanye noMnganiwakhe High School.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link