Percy Zondi
Inhlangano Abazoba Nenhloso Bible Sharing & Motivation ngo Mgqibelo ibe nendumezulu yomcimbi wokubungaza ukuphela konyaka okade ubanjelwe e Mnambithi eSlindokuhle Secondary School.

Kulomcimbi bekunezikhulumi ezahlukene zishiyelana inkundla ziveza amazwi okwakha ukugqugquzela nokucija abazalwane kwezamabhizinisi. Ngaphandle kwalokho, indumiso ibiphezulu abazalwalwane bethakasele ukudumisa ndawonye kwazise ngenxa yokuhlukana ngokuhlala kugcina konke kwenziwa ezinkundleni zokuxhumana ( WhatsApp Group Chat). Umphathi ophinde abe umsunguli walenhlangano Mfu NZ Malinga, exoxa ne Bhekizizwe Media uveze ukuthi ugcwele enkulu intokozo ” Ngijabule kakhulu ngalomcimbi indlela ohambe ngayo, ngiyakholelwa ukuthi kufanele sibe mqondo munye uma sithi siyakholwa, lento yokuqhakambisa ibandla lakho ube ungakwazi ukudumisa namanye amabandla,ikhombisa ukuthi asiqondi ukuthi la esithi siya khona masidlula kulomhlaba awekho amabandla ethu, kodwa kukhona ibandla likaJehova. Ngibonga kakhulu ngakho konke abazalwane abakwenzile ukuze lenkonzo ibe yimpumelelo ” kuphetha u Malinga obezwakala ejabule kakhulu.