Kukhuthazwe abazali ekwesekeni abafundi eNtokozweni Special School KwaMpumuza.

Nkosingiphile Ntombela

Isikole esikhiqiza abafundi abanamakhono ahlukahlukene iNtokozweni Special School libengqophamlando ngosuku lokuvulwa ngokusemthethweni kuhambisana nomubukiso owenziwe abafundi balesikole esesikhiqize abafundi abasezimbonini eziwumgogodla womnotho eNingizimu Africa. Lomcimbi obekushiyelana inkundla izikhulumi eziqavile ubungoLwesine mhlaka 11 kuMandulo.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe oyi Departmental Head of Skills uMnu S.V Mdluli uchaze kabanzi ngendlela othisha abazinikele ngayo ekuthuthukiseni abafundi balesikole ukuze babenekusasa njengezinye izingane sezikole ezakhele indawo yaseMgungundlovu.

Isithombe: Amalunga omphakathi abephume ngobuningi bezoseka umcimbi waseNtokozweni Special School

“SiyiNtokozweni okumqoka ukwenza isiqiniseko sokuthi umfundi uphuma kulesikole esekulungele ukuthi ayosebenza ngolwazi esimunika lona, lokho asikwenzi kalula kodwa kuwukubambisana okuhle nozakwekwethu kanye nezinye izinhlaka ezeseka ukuthuthukiswa komsebenzi wezandla kubantu abasha, njengamanje sinabafundi abaphume kulesikole ngohlelo lakaVirtual State bahamba bayoqeqeshwa Enyuvesi yase Free State (University of Free State) bafunde baphothula kumanje bangabasebenzi khona eVirtual State okwenza sizishaye isifuba sokuthi siyiguqulile impilo yomntwana womuntu omnyama eNingizimu Africa.Okunye okumqoka ngicela abazali baqhubeke bazeseke izingane zabo abazilethe Kule “special school” bazithande ngoba njengoba zikukuthina ziyikusasa lezwe lethu, umsebenzi esizicijela ukuthi ziwenze  iwona ezogcina zoxosha ngawo ikati eziko njengoba nemsebenzi isimvelakancane sekudingeka ikhono lengane umzali aleseke futhi enzekonke okusemandleni ukuze iphumelele “ kuphetha uMnu Mdluli oyi Departmental Head of Skills eNtokozweni Special School.

Umsebenzi wezandla owenziwa abafundi baseNtokozweni Special School.

Kulomcimbi abazali Kanye namalunga omphakathi abephume ngobuningi bezobungaza baphinde babuke nomsebenzi omuhle owenziwa abafundi baseNtokozweni Special School.

Khonamanjalo kubongwe izinhlaka ebezithamele lomcimbi zabamba neqhaza okubalwa kuzo Ubukhosi Emfundweni obusuka ngaphansi kweNkosi K.S Zondi wesizwe saMaMpumuza,Aids foundation,Virtual state,Thandisizwe  College,PMB Mental Health,Njilo Foundation Kanye nothishomkhulu bezikole zakwaMpumuza behambisana nabafundi.

Omunye wemisebenzi geza wezandla owenziwa abafundi baseNtokozweni Special School.

Okuhlalukile lezinhlaka zivumelene ngokuthi zizosifaka isandla ekusizeni abafundi ukuze kuthuthuke amakhono okuzosiza ekutheni lendawo ihlezi idla ubhedu ekukhiqizeni abafundi anaseqophelweni eliphezulu njengenjwayelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link