Kukhuthazwe amaphoyisa aseMgungundlovu ngama Excellence Awards

Nkosingiphile Ntombela

Abasezingeni eliphezulu ama Excellence Awards aseMgungundlovu lapho bekuhlonishwa khona amaphoyisa enzakahle, abanjwelwe eCator Rigde eCamperdown ngomhlaka 16 kuNcwaba 2024.

Izinga lokusebenza nendlela azimisele ngayo amaphoyisa aseMgungundlovu kubonwe nayibaphathi besifunda uMgungundlovu District lapho benze umcimbi wokuhlonipha nokukomelisa amaphoyisa asebenze ngokuzimisela.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uMajor General Shezi weSaps UMgungundlovu District uchaze kabanzi ngokubaluleka kokusebenza ngokuzimisela ekuvikeleni umphakathi waKwaZulu-Natali.
“Engakusho sizokhuthaza siphinde sihlomulise amaphoyisa asebenze kahle kulonyaka esibuya kuwo siphinde sikhuthaze nalabo abangazange bathole ukuthi ngokuzayo sibukele bona behlomula ngezitifiketi nezindodo zokusebenza ngokuzimisela, siyi Saps sizimisele ekutheni umphakathi esisebenza nawo sibambisane njengoba nezinhlaka esisebenzisana nazo emphakathini esibambisene kahle nazo sibonga kakhulu ubudlelwano esinabo okuyinhloso eyodwa yokulwa nobugebengu ukuze izakhamuzi zihlale ngokuphepha ” kunaba uMajor General Shezi.


Uphinde wakubalula okuseqhulwini okumele ukugade mawiphoyisa uMajor General Shezi wathi ukubaluleka kokuziphatha kahle mawiphoyisa kusemqoka, iphoyisa kumele lihlezi likukhumbula ukuthi lisebenzela umphakathi ngasosonke isikhath futhi libenesiqiniseko sokuthi lihlala endaweni ephephile okuyinto emqoka nokuzigada mawiphoyisa uqaphe ngasosonke isikhathi.

Ohlomule nge Mgungundlovu District Excellent Awards uCostable C. S Naidoo obechichima injabulo uchaze ukusebenza ngokuzimisela nangokwethembeka emsebenzini wakhe okumenze wazithola ehlomula nge Award, okunye akuphawulile ukuthi mawusebenza kuhle ubambisane kahle nozwakenu ngoba umsebenzi uhamba kahle makubanjiswene kakhulukazi kubona beyimaphoyisa ukubambisana iyinanto ebalulekile kakhulu. Ubesebonga kakhulu nakubahleli bama “Awards” wahalalisela nozwakabo abahlomule ngama Excellence Awards ka 2024.


Lomcimbi obusezingeni eliphezulu mewuthanyelwe amaphoyisa asebenza kwi District aseMgungundlovu kanye nabaphathi beziteshi zamaphoyisa aseMgungundlovu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link