Kukhuthazwe intsha eMpushini ekuhambeleni isikhungo sezempilo

Nkosingiphile Ntombela

Ukubaluleka kokusetshenziswa kwezikhungo emphakathini ezinye zezinto ebeziphambili eMpumuza Clinic ngaphansi kwesigodi iMpushini ngoLwesihlanu zingu 26 Ephreli kuhlangene abomnyango wezempilo kanye nomphakathi. Lomubuthano bungaphansi kohlelo lokugquqguzela ukusetshenziswa kwesikhungo sezempilo esibhekele abantu abasha.
Amukela izethambeli iNkosi yaKwaMpumuza uMnu N.W uZondi we-Mpumuza Traditional Counsil ubalule ukubaluleka kokuzithanda kwabantu abasha “okumele nikugade bantu abasha kumele nizithibe futhi niqinise ekudleni ukudla okunempilo, ningahambeli kude nezindawo zezempilo ngoba impilo iyona ebalulekile nizithibe niphinde nizivikele” kuphetha uNdabezitha uZondi

Isithombe : iNduna uZondi waseNdlunkulu KwaMpumuza kanye neNduna uMnu Sifiso Qwabe yaseMpushini.

Obephuma emnyangweni wezempilo Mrs Sithole owengamele ezempilo kwisiyingi saseMgungundlovu ukhale ngokuthi bewumnyango wezempilo babhekene nengwadla yokuthi yize benazo izinhlelo zokunikezela ngemishanguzo babhekene nenkinga yokuthi izakhamuzi aziyilandi imshanguzo ezikhungweni nasezitolo esezahlonzwa ekunikezeleni ngemishanguzo igcina ibuyela emuva lokho okubakhathaza kakhulu bewumnyango ngoba laba anangayilandi imshanguzo bagcina babe yimbangela yokwanda kokungalawuleki kwezifo.

Isithombe : uNdabezitha (iNkosi N.W Zondi) eyamukele izethameli eMpumuza Clinic

Khonamanjalo kwizithameli ebezikhona iNduna yesigodi saseMpushini uSifiso Qwabe obengesinye sezithameli unabe kabanzi wathi “Siyizinduna zakwaMpumuza siyakukhuthaza ukuthi abantu bathathe imishanguzo yabo njengoba beyaleliwe ukuze balapheke. Kuyasihlupha ukubona abantu befa bephela ngenxa yokubalekela ukuthatha imishanguzo yabo yegciwane lesandulela ngculazi kanye neyesifo sofuba.Siyagqugquzela ukuthi intsha ikugweme ukukwenza ucansi iskhathi singakafiki. Umasebeqalile okungcono abavikele ngejazi lomkhwenyana okanye basebenzise uPrEP ukuvikela ukutheleleka ngegciwane. Abantu abangakhohlwa ukuthi ukuthatha uPrEP akusho ukuthi ngeke usazithola izifo futhi awuvimbi ukukhulelwa.IYouth yethu ayikhululeke iye emtholampilo ngoba sebenesakhiwo sabo bodwa la besizwa khona bengabonwa abazali” kuphetha iNduna uMnu Sifiso Qwabe wesigodi iMpushini engaphansi kobukhosi iMpumuza Traditional Counsil eMgungundlovu.

Isithombe : iNduna uMnu Makhaye naye meyezinye zezethameli zomubuthano obuseMpumuza Clinic

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link