Nkosingiphile Ntombela
Ukubunjwa kwesizwe kanye nendlela okumele baziphathe ngayo abantu abasha ezinye zezinkululumo ebezisematheni kwizethameli zomcimbi omkhulu obuseNadi koMkhulu zingu 16 kuZibandlela ka 2024, kwisizwe esingamelwe iNkosi V. I Zondi.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media iNkosi V.I Zondi ugqamise okokubaluleka kokuzihlonipha kanye nokubaluleka kokuzigcina kwabantu abasha abebethamele umcimbi obizwa ngeSigqi Smaciko.
“Kulesikhathi sonyaka kuningi okusuke kwenzeka kodwa sibonga ukuthi isizwe samaNadi sikwazile ukuthi sibingxenye yalomcimbi osekwiyihlandla lesithathu ubakhona, okuhle ngalomcimbi sizovuselela ukuziphatha kahle kwabantu abasha njengoba nezimbali zezwe ezihamba umhlanga ziphume ngobuningi bazo, ibutho elincane kanye nelidala nalo lithamele lomcimbi okusho khona ukuthi siyisizwe esizimisele ngenqubekela phambili kakhulukazi ekuzigcineni komuntu omusha Kulesikhathi sonyaka abantu becwila ezidakamizweni ngoba kwisikhathi sancibijane.Ngibonga ukubambisana okuhle kwethimba ebelihlela lomcimbi, amaciko onke endawo nasuka kwezinye izindawo ngidlulisa ukubonga kakhulu nakubonke abenze losuku lwaba impumelelo” kusho iNkosi V. I Zondi.


Lomcimbi obunezithameli eziyizitatanyiswa okubalwa kuzo UMnu Themba Njilo oyisikhulu esiphezulu seThemba Njilo Foundation, INkosi K.S Zondi Wesizwe SaMaMpumuza, INkosi S. Mlaba waKwa Ximba kanye nosaziwayo odume ngokufundisa kwinkundla zokuxhumana uThisha Wesizwe.
Khonamanjalo iNkosi V.I Zondi ifisele izakhamuzi zamaNadi ukhisimusi omuhle ophephile nonyaka omuhle onezibusiso.