Kumenywa izakhamuzi KwaMpumuza kumkhuleko wokhetho luka 2024

Nkosingiphile Ntombela

Inhlangano yabefundisi imema abamaqembu ezepolitiki, abazalwane kanye namalunga omphakathi emkhulekweni wokhetho KwaMpumuza. Lomkhuleko wokhetho uzobanjelwa ehholo lomphakakathi eMasimini mhlaka 11 kuNhlaba (May) 2024 ngoMgqibelo khona KwaMpumuza.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media onguSihlalo wezenkolo KwaMpumuza uBishop T. S Nzimande uchaze kabanzi ngokubaluleka kwalomkhuleko njengoba kuyiwa okhethweni eNingizimu Africa wathi “Singabefundisi nabaphathi bezwi leNkosi sibone kuyicebo elihle ukuthi sizohlanganela ndawonye sizokhuleka sikhulekele ukuthula, siphinde sikhulekele ukuthi ukhetho luhambe kahle kubekhona ukubekezelelana kumaqembu ezepolitiki njengoba njengoba sekusele izinsuku ezimubalwa kube ukhetho, ngifisa ukugcizelele ukuthi sicela bamaqembu ezepolitiki bafike bezokhuleka kanye nathi, abazalwane bafake izivatho zabo abavathayo, nawowonke amahlelo amabandla sicela afike ngobuningi bawo kulomkhuleko” kuphetha Bishop TS Nzimande

INkosi KS Zondi kanye noNdlunkulu M Zondi unxusa wonke umuntu abingxenye yakomkhulelo. Kucelakala ukuthi abaholi bezepolitiki babeneso elibukhali ekulawuleni ukuthi inkonzo ihambe kahle ungabikhona umsindo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link