Kusolwa inhlese yezepolitiki ngokuhlaselwa kweThala Bank

Nkosingiphile Ntombela

Kusolwa inhlese yezepolotikisi ekuhlaselweni kweNgonyama Trust nasekuvalweni kweThala Bank okuyibhange elumgogodla wezomnotho elisiza kakhulu osomabhizinisi baKwa Zulu Natali.

Lokhu kuhlaluke kwimbizo ebibizwe iSilo uMntwama Misuzulu lapho ethule inkulumo ngenxa yokukhathazeka njengoba ebona ukuvalwa kweThala Bank kuzogadla kuphindelele kosozimboni bakulesifundazwe abasebenzisa lebhange.
ISilo ethula inkulumo uthe “Ngeke sivumele abantu ukuthi bakhombe iminwe kithi, sizophoqelelwa ukuba sizivikele, siphinde siphikisane nezenzo ezizomisa izinto ezingamagugu kithi nezisiza abamabhizinisi kulesifundazwe okubalwa kuzo iThala Bank esekuhlongozwa ukuvalwa kwalo” kusho iSilo uMisuzulu.

Isilo uMisuzulu sibize imbizo ehanjelwe nayimabutho kanye namakhosi kuzobhungwa kabanzi ngezinto ezizoqeda amandla osomabhizinisi bakulesifundazwe njengokuvalwa kwebhange iThala obekuseqhulwini kulembizo ebigcwele phama uZulu ezozwa umhlahlandlela ngezimo isizwe esibhekene naso.


Isilo siphinde safisa nokuthi sazi ubani lophehla yokuvalwa kwebhange iThala.
Eqhuba kwinkulumo uMisuzulu udalule ezishaqisayo zokuthi uyazi kuneqembu lezepolitiki elihola lomkhankaso wokuvalwa kwebhange iThala okuyinto engeke izibasebenzele.

Udaba lokuvalwa kwebhange lusayinzukayikeyi njengoba lusezithebeni zezinkantolo okungaba ihlazo uma lingagcina livalwa njenge VBS yaseLimpopo esengwe osopolitiki bayiqumba phansi lagcina livalwa bengasazikhokhi izimali zeVBS.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link