Ingwadla ebhekene nezimboni zokudla eNingizimu Africa seyigcine iziphoqa ekutheni zigcine zingene kwabomthetho ukuze kuboshwe laba abasabalalisa Izindaba ezingelona iqiniso ngemkhiqizo yazo kakhulukazi ama “chips” okusabalele ama video enama philisi kwizinkundla zokuxhumana.
Imboni ekhiqiza ukudla eNingizimu Africa i-Truda Foods ikhiphe umyalelo kumalunga omphakathi asabalalisa imininingwane engamampunge ngama “chips” ase Truda.
Lokhu sekugadle kwazwela nabanye abakhiqizi bamaphakethe okudla okudliwayo benqume ukubeka amacala obugebengu kubantu abasabalalisa izimangalo ezingamanga mayelana namaphilisi atholakala emikhiqizweni ye-snack-pack.
Imboni yokudla okudliwayo ilwa nalesihlava solwazi olungelona iqiniso mayelana namaphilisi atholakala kuma-chips, okuholela ekungahambi kahle komkhiqizo kakhulukazi kuzozonke izimboni ezenza ama chips eMzansi Africa.
Ubufakazi bubonisa ukuthi ezinye izingane zibukeka ziqamba amanga ngezimangalo zokuthola ukudla kwamahhala, okunye okugqugquzela ukwesaba.
Ngokusho kuka-Pieter Riekert “I-Labour Relation Manager eTruda Foods, uthe uTruda uthatha ukusakazwa kwamahemuhemu amanga njengento ebucayi kangangokuthi umnyango weTruda wezomthetho ubulokhu uthumela izincwadi zabameli kubantu abathumela futhi basakaze izindaba ezingamanga ezinkundleni zokuxhumana okuzohelela ekutheni kuboshwe laba abasabalalisa ama video angamanga ” kusho uPieter ekhuluma kwabezindaba njengoba kuwudaba olusematheni kulezinsuku olukhomba ngokusobala indlela abakhiqiza ngayo eTruda ama chips bayaqinisekisa ukuthi akukho ngisho okukodwa okungadala ukuthi bafakele abantu baseNingizimu Africa ubuthi emikhiqizweni wabo njengoba sebeneminyaka eyevile kumashumi amabili bekhiqiza ama ships amnandi adliwa omdala nomncane, indlela okuqikelelwa ngayo mekukhiqizwa eTruda ikubeka phambili ukuphepha nokubaluleka kokuhambisa impahla esezingeni kumakhasimende eTruda aseMzansi Africa.
Khonamanjalo isehlakalo ngasinye siphenywa kahle, futhi inkampani izofaka amacala obugebengu kubobonke abathintekayo kulophenyo olunzulu olwenziwe ngabasabalalisi bezindaba ezingampunge ngomkhiwizo waseTruda. Kuzokhumbuleka ukuthi uTruda Foods sukhiqize ama”chips” kusukela ngo 2004 kuzekube manje ingezinye zezinkampani ezifukula umnotho waseNingizimu Africa njengoba ikhiqiza ukudla okuphasiswe nangochwepheshe bezempilo.