Ukwenza kahle mawumholi kuthela izithelo ezinhle kakhulukazi mawuzophakamisa indawo yalapho ukhulele khona uphinde uhole abantu ngenhlonipho lokho kuthela izithelo ezinhle.

Isithombe : uMfundisi Thulasizwe Buthelezi uNdunankulu Wesizwe SamaZulu.
Indlu yaseMcakwini yesizwe sakwaButhelezi eBabanango enyakatho yeKZN izosingatha umkhosi ngoMgqibelo mhla zingama-20 ku-Ephreli ukuhalalisela uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngokuqokwa kwakhe njengoNdunankulu weNdabuko wenkosi nesizwe samaZulu. UButhelezi, oyinzalo eqondile ye-Inkosi Phungashe Buthelezi, waqokwa ngoJanuwari ukukhumbula impi yase-Isandlwana. Inkosi uPhungashe yasebenzisana kakhulu neNkosi uShaka, umsunguli wesizwe samaZulu.
Kulindeleke zonke izigodi ezakhele eBabanango ukuba zizoba ingxenye yaledili lomcimbi ozoba uhlanganisa isizwe saseMcakwini.