Kwethulwe uMkhonto Wesizwe Youth League eMgababa

Nkosingiphile Ntombela

Inhlangano eholwa owayenguMengameli wezwe eNingizimu Africa uMnu Jacob Zuma uMkhonto Wesizwe Party ikhula ngesivinini kumalokishi azungeze iTheku nasezindaweni zasemakhaya njengoba sekusele izinsuku ezimubalwa kuyiwe okhethweni lukazwelonke olungo mhlaka 29 Meyi 2024.

Isithombe : Amalungu oMkhonto Wesizwe Party ethamele ukwethulwa kwe MKYL.

NgoMgqibelo mhlaka 11 Meyi uMkhonto Wesizwe ibikade yethula uhlaka lwabantu (MKYL) okuwuhlaka lwabantu abasha ngaphansi kwewadi 98 eThekwini okuwumcimbi obubanjelwe eMgababa Beach Resort.


Lomcimbi wokwethula koMkhonto Wesizwe Party Youth League uthanyelwe izinkumbi zabalandeli boMkhonto Wesizwe Party nabantu abasha abebephume ngobuningi bezozwa ubuhololi besifunda iTheku obekuholwa uMnu Nzama okwisigungu esiphethe eThekwini.
Ethula inkulumo uMnu Nzama ushaye ikhwelo kubantu abasha ebakhumbuza ukubaluleka kokuthanda izwe laseNinguzimu Africa nasekubalulekeni kokubamba iqhaza ekuvoteni mawumuntu omusha ” Okusemqoka ukuthi njengoba sethula MKYL kule wadi ukuthi ibonakale emphakathini,kakhulu ku ward 98 umsebenzi weMKYL ukuthi lohlaka kumele lulande enye intsha izojoyina uMkhonto Wesizwe Party ukuze sikwazi ukusukuma sibheke izinto ezihlasele intsha yakithi, kakhulukazi kumathuba amasha avelayo nokungabhekeleki kwenstha kuzonqobeka njengoba sethula lohlaka eMgababa. Okubalulekile kakhulu ukuthi lusebenze ekudingideni izinkinga ezibhekene nentsha yakithi eNingizimu Africa luphinde lubenezwi ekuthathweni kwezinqumo eziyisa phambili iNingizimu Africa. Okunye ukuthi MKYL niphume niyokhuthaza intsha ukuthi iphume iyovota mhlaka 29 Meyi njengoba kubukeka ihambela kude nezikhungo zokuvota, okunye kumele nikubeke eqhulwini ukulwisana nokuhlukumeza kwabesifazane, ukunqanda izenzo zobugebengu endaweni njenge MKYL yakulendawo eMgababa” kuphetha uMnu Nzama.

Isithombe : Amalunga oMkhonto Wesizwe Youth League phakathi nendawo uZuma okwisigungu sokulawula kwi MKYL eThekwini Region.

Khonamanjalo uMkhonto Wesizwe Party kwisifunda seTheku namuhla uphume Umkhankaso wokuqeda kokwanda kwezinkampani eziqashe abokufika kuleli abangenamvume zokuhlala eNingizimu Africa njengoba namuhla bengasele eWentworth kwimboni edume ngokungabaqashi abakuleli egcwele abasebenzi bangaphandle abangenazo izimvume okuwumkhankaso abaqinisekisile ukuthi uzoqhubeka nangomvakokhetho, uMkhonto Wesizwe Party uzimisele ngokuqeda ngezimboni ezingawulandeli umthetho waseNingizimu Africa kakhulukazi kulezi ezingabebeki phambili abantu baseNingizimu Africa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link