Nkosingiphile Ntombela
Ukhetho lukazwelonke lukhombise ngokusobala kokukhula kwentando yeningi eNingizimu Africa.
Kwisifundazwe saKwa Zulu Natali lubanjwe ngempumelelo kwangaba khona umsindo njengoba ezokuphepha beziqaphe ngeso lokhozi abaphazamisa ukhetho.
Yize iqembu leNkatha Freedom Party Kwa Zulu Natali liphume isibili lilandela inhlangano enezinyanga ikhona uMkhonto Wesizwe ekhombise ukukhula ngesivinini njengoba idle amahlanga kwezinye izifunda ngaphandle kweNkandla lapho kudubuka khona abaholi balamaqembu okungu Mhlonishwa Thami Ntuli ongusihlalo weNkatha Freedom Party eKZN ,kanti owayenguMengameli wezwe odabuka khona eNkandla uMhlonishwa Jacob Zuma onguMengameli woMkhonto Wesizwe Party.

Enkandla iqembu leNkatha Freedom Party libeyindlondlo lawola inqwaba yamavoti loku akugcinanga lapho nakhona eMgungundlovu izinga lokwesekwa kweNkatha kunyuke ngokuphindiwe ingakho igcine sikhuphuka yadla indawo yesibili yadlula inhlangano ebibusa Kwa Zulu Natal i-African National Congress elahlekekwe izigidi zabalandeli eKZN.
Okunye okuqaphelekile ngalokhetho uMhlonishwa Thami Ntuli usekwe kakhulu eNkandla ,okusho ukuthi ubuholi bakhe buyathenjwa lekabusa khona njengomholi womkhandlu iKing Cetshwayo Municipality.

Imiphumela mawuqhathanisa nekha 2019 neya 2024 isebenza kahle kakhulu iNkatha Freedom Party.
Nansi imiphumela yaseKZN yango 2019-
ANC-54,22%
IFP-16,2%
DA- 13,9 %
EFF- 9,71%
NFP-1,57%
Imiphumela yokhetho luka 2024:
MK-45,3%
IFP-18,1%
ANC-17%
DA-13,8%
EFF-2,3 %
NFP-0,59%