Libuye nendondo elase KZN kuma Awards EGoli : Original Boyz

Nkosingiphile Ntombela

Iqembu lomculo elingaconsi phansi kubalandeli balo i-Original Boyz okuyiqembu elakhiwe izinsizwa zaseMgungundlovu  uDumisani Lembethe noNdumiso Ngubane bahlomule nge Awards kwandongaziyaduma emqoka njengoba mebekade beqokiwe kukaqoqo ahlukene.

Lama award eMTCMA ababanjelwe eDumisani Makhaye Theatre ngempelasonto lapho bezidlana imilala kuhlangne amaciko aseNingizimu Africa.

Isithombe: Iqembu lomculo laseKZN eMgungundlovu i-Original Boyz Eli elinqobe kuma awards eGoli eMTCMA.

Umculi we-Original Boyz uKhathorish ekhuluma nabezindaba obekhombisa injabulo emva kokunqoba kulala awards ubesebonga abalandeli ngokubeseka kakhulu emculweni wabo njengoba sebenqobe nendondo okusho ukuthi kukhulu abasazokuzuza endimeni yomculo.

Siyi original Boyz sibonga kakhulu kubalandeli bethu ngokuseseka, sibonga kakhulu nalumaziko ezindaba nakuyoyonke imisakazo esinike ithuba njengoba sesize safika kulesigaba sizoqhubeka sinijabulise ngomculo.Okunye sibonga nemndeni yethu ngokuma nathi ohambweni lethu lomculo okuwuhambo oluhambeka kahle mewusekwa nawumndeni.Ngakho sibonga nabahleli beMTCMA awards ngomcimbi obusezingeni eliphezulu, nokuthi siqokwe siphuma eKZN sawina kwi Best Kwatio lokho kuyohlezi kusemabhukwini omlando we-Original Boys kuphetha uKhathorish weOriginal Boys.

Khonamanjalo leqembu laseMphithi liphinde lavula izandla kubaculi abafisa ukusebenzisana nalo kakhulukazi ekwenzeni umculo ozojabulisa umphakathi njengoba kuyinto eseqhulwini ukujabulisa abalandeli ngomculo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link