Nkosingiphile Ntombela
Umphakathi waseSweetwaters esigodini kaGandaganda usabambe ongezansi ngemuva kokushona kowesifazane okusolalakala ukuthi ubulawe waseshiswa ngomlilo.
Abethimba lezindaba zeBhekizizwe Media bazifikele mathupha ukuzobona isigameko lakubulawe khona owesifazane ogama lakhe uNcamsile Mhlongo.
Oyinduna kulendawo uMnu Hlela akapholisanga maseko njengoba mesebazisiwe ngesifo esivele emndenini wakaMhlongo.UMnu Hlela okhale kakhulu ngalesigameko lapho kugcine kuvela ukuthi isehlo esinjengalesi sesenzeke izigaba ezintathu kulendawo kulandelana.
“Kusithusile siwubuholi lesiga esenzeke kulendawo njengoba sekwihlandla lesithathu owokuqala samfica esewumlotha owahlonzwa njengomuntu wokufika,omunye kwaba umfana naye owashisa washona khona lesgodini ,kodwa lezigameko sizozokhuluma eNdlunkulu ukuze sibheke imbangela yokufa kwabantu ngendlela eyisihluku kangaka ,sizwelana kakhulu nomndeni okubehlele kusihlukumezile mathi siwubuholi bendabuko ngoba lesenzo singcolisa indawo yethu” kuphetha induna uHlela.

Abomndeni baveze ukuthi ngokwazi kwabo uNcamsile bamugcine ngehora lesithupha ntambama okubathuse kakhulu masebethola izindaba zokuthi uselimele abazombheka eduze nekhaya lapho enamanxeba okusha, kodwa banethemba lokuthi njengoba udaba lusemaphoyiseni bazokwazi kwenzekani ngobusuku abagcine ngalo ukumubona uNcamsile ohambe kabuhlungu ngokushiswa ngomlilo.

Umzimba kaNksz Mhlongo uzohlonzwa abasemagunyeni okubheka okwenzeka ngaphambi kokuthi abulawe njengoba sekuwudaba olusezandleni zamaphoyisa okuyiwo azothola okwenzeka ngobusuku ashiswa ngawo lowesifazane osemncane.