Ubanjwe ngempumelelo owokunotha kolimu eThekwini.

Nkosingiphile Ntombela

Umkhandlu weTheku kwisifunda esiseNingizimu noGu eMlazi basingathe umncintiswano wokucija nokuthuthukisa ulimi lwebele “IsiZulu” ezikoleni zamabanga aphansi ngomhlaka 22 kuMfumfu ka2024. 

Kulomqhudelwano obekudlalwa ngolimu lwebele nangokunotha kwalo, kushiyane ukwenza sekuqhudelwana ngolwazi lwezaga nangendlela olusetshenziswa ngalo ulimi lwebele abafundi bezikole ezakhele uMlazi (District 05) beqhudelana nangezisho okumqhudelwano obunesasasa kakhulu. 

Ongamele isikhungo somtapo wolwazi ubonge indlela obenesasa ngalo lomcimbi wancoma nendlela abasebenzisane ngayo kahle nabafundi kanye nothisha uNksz Nohlanhla Mthembu ongamele umtapo wolwazi ophinde abengumgqugquzeli walomqhudelwano ku District 5 (Umlazi AA) eMkhandlwini weTheku. 

Okuhlalukile kulomcimbi mekungowokuqala kulesifunda saseMlazi njengoba uthakaselwe kakhulu abafundi a Asuka kwizikole esibala kuzo iSithokoziso Primary School, Vumokuhle Primary School, Isidingo CP School, Bhekithemba Primary School ,Magabheni Primary School kanye neSithandiwe Primary School. 

Lomcimbi ubuthanyelwe abaphathi bomtapo wolwazi eThekwini, othisha bezikole ezakhele uMlazi. Okunye okuvelile ukuthi lohlelo lokuthuthukisa ulimu lwebele ezokoleni kusebenzwa ngokubambisana nezikole kuzoba uhlelo oluqhubekayo njengoba ulimu luhambisana nokufunda nokuqondisisa kubantu abasha, okuyinto eseqhulwini kumkhandlu kakhulukazi kwabangamele umtapo wolwazi eThekwini. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link