Ubekwe ngokuthula obeyilunga leFUDASA

Nkosingiphile Ntombela

Umncwabo kaNkkz Sthabile Nsamala obusezinkundleni zezemidlalo iRichmind Sport Complex namuhla ubunesizotha njengoba ebekwe ngokuthula obunezikhulumi ezihlabahlosile ebezimutusa ngokusebenza ngokuzikhandla obeyisikhulu seNsamala Classic ongasekho.

Oyilunga lomndeni u-Anti Lungi ubonge uthando abenalo nendlela abewuthanda ngayo umsebenzi wokuzimela njengoba aqala ngebhizinisi lokuba nendawo ecwala izinwele wasedlulela ekubeni nebhizinisi labancwabi.

Abangani nezihlobo bashongazwilinye bethi bohlala bemkhumbula uMama Nsamala ngendlela abathobeke ngayo eyithanda nento enhle ehlelekile.

Okubesematheni kwizikhulumi kubongwe kakhulu uMnu Vusi Sibiya weSibiya Funeral okuyisikhindlakhondla kwezokuncwaba eNingizimu Africa uMnu Sibiya uphinde abenguMengameli weFUDASA.

Ethula inkulumo uMnu V Sibiya uqinise amalunga omndeni wasetusa zonke izinhlaka ezilule isandla ekutheni kugcine kufihlwe ngesizotha oyilunga leFUDASA uNkkz Nsamala okubikwe ukuthi ugule isikhashana wasedlula emhlabeni.uMnu Sibiya uphinde waveza ukuthi njengoMengameli weFudasa ngesikhathi esekhuluma nethimba lezindaba leBhekizizwe Media ukubonga kuzozonke izinhlaka zeFUDASA okubalwa kuzo amalunga kanye nababambisene nabo beyibamcwabi ekutheni yize kuyibhizinisi elingelula kodwa kuyahambeka kulona ngohlelo lokufundisana liphathwa kanjani masuyilunga lalenhlangano yabamcwabi.

Khonamanjalo nomyeni kaNkkz Nsamala uMnu Lovemore Nsamala ubonge abangani bamkakhe,abasebenzi kanye nabomndeni ababemabo kuqala umama wakwakhe engena esibhedlela wasebonga kakhulu uMnu Sibiya obenaye ngesikhathi kuqala ukungena udaba lokuhamba komama wakwakhe athe noma esengasekho uyomkhumbula ngothando abenalo emhlonipha kakhulu.

UNkkz Nsamala ubekwe ngesizotha emathuneni asenkabeni yedolobha Richmond okube umcwabo obudle ngobukhazikhazi njengoba ephelezelwe abancwabi abangamalunga eFUDASA abebeqhamuka kwizifundazwe eziyisishagalonye.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link