Ubophele izihlabani zaKwaMpumuza umdlalo kamabonakude “Isipho The Gift”

Nkosingiphile Ntombela

Abantu abasha basendaweni yaKwa Mpumuza eMgungundlovu kwisifundazwe saKwaZulu Natali bahlabene nethuba elimvela kancane ezindaweni zasemakahaya zokuba ingxenye yomdlalo kamabonakude oqalwe ukuqoshwa mhlaka 08 kuMasingana ka 2024.

Ithimba elibambe iqhaza likhombise okukhulu ukuzimisela osukwini lokuqala kokukthwebulwa komdlalo ”Isipho The Gift”
Selisuke lahlala kolamula uJune 2025 okuzobukwa ngawo lomdlalo okokuqala ngqa eMsunduzi Museum.


Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uMnu Zungu okwithimba labaqondisi unabe kabanzi ngezinhlelo yize okunye ekubeke kwacaca ukuthi umphakathi kakhulukazi wakwaMpumuza uzobhema ukholwe ngethalente elisha abalithole ngesikhathi benohlelo lokuhlonza ikhono lokulingisa okuyibantu abasha bendawo ababanike ithuba lokuthi bazibonakalise kwibalazwe kakhulukazi kwindima yezamafilimu.
“Esingakuqinisekisa ukuthi njengoba sesiqala siwuthwebula umdlalo kamabonakude sihlele ukuthi uboniswe okokuqala mhlaka 07 June 2025 eMsunduzi Museum emva kwaloko kobe sesibazisa ngokuthi udlala nini kumabonakude sobazisa sisebenzise iBhekizizwe Media ekusabaliseni izindlela ezinye zokuthi bayibuke ngoba sinokubambisana okuhle nayo, Izingqinamba esinazo okwamanje izinto zokuthutha njengoba sithwebula izindawo eziningi esithembayo angeke kwasiphazamisa ngokwesikhathi esizibekele sona sokuqeda ukuqopha Isipho The Gift. Okubalulekile ngalefilimu izofundisa abantu ukubakuleka kokulinda nokungajahi izinto esakho iskhathi singakofiki ngakho umphakathi awulindele okukhulu futhi sinxusa nabangakwazi balule nesandla kwezokuthutha njengoba siwuwopha lomdlalo singenabo abaxhasi ” kuphetha uMnu Zungu.

Ziqalwe kahle izinhlelo zosuku lokuqala lokuthwebula “Isipho The Gift”

Lomdlalo kamabonakude Isipho The Gift obhalwe uAyanda Zungu ohlala KwaMpumuza esigodini saseMbucwana uphinde walanda nesihlabani sakhona KwaMpumuza esidume ngezinkulumo ezakhayo uMnu Percy Zondi okulindeleke ukuthi avele kuneqhaza azobe elidlala kulefilimu.Ethintwa abezindaba zeBhekizizwe Media emuva kokuvela kwegama lakhe kwithimba elizodlala akazange awaphikise amahlebezi kunaloko uthe “engakusho umphakathi awulindele okuhlukile ngoPercy Zondi ozodlala kwifilimu Isipho The Gift, okuyintokozo njengenkosana yasendlukulu ngibingxenye yomdlalo ozobeka isizwe saKwaMpumuza kwibalazwe ngezinto ezinhle” kuphetha uMnu Percy Zondi ozwakale elithakasela lethuba lokuba ingxenye yomdlalo kamabonakude.

Okuhlalikile njengoba ziqhubeka izinhlelo zokuqopha lomdlalo ubophele abantu abasha abatholwe ngesikhathi kunenhlolokhono okuyinto encomekayo makuzothuthukiswa ikhono endaweni kakhulukazi abantu abasha ukuze bakwazi nokuzibeka emathubeni ancono okuzithuthukisa kwezamafilimu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link