Ubuholi bendabuko buqhakambisa inhlanzeko KwaMpumuza

Nkosingiphile Ntombela

Umkhandlu wesizwe saKwaMpumuza obhekele ezokuvakasha namasiko endaweni oholwa iNduna Mnu Nyanda waseKhobongwaneni ngomhlaka 15 kuNhlaba, babenohlelo lokukhuculula ukungcola endaweni ebekukade belusingathile ngokubambisana neminyango kahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal Natal, Umngeni – UThukela Water kanye nomkhandlu dolobha uMsunduzi.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uMnu Nyanda ubonge kakhulu abemnyango abaxhase losuku lokukhuculula imfucuza endaweni okuyinto akhale ngokuthi ukungcola kubulala nemvelo.
“Sibonga kakhulu kuyoyonke imnyango kahulumeni ephume yazoseseka yaphinda yasibizela nezinye izinkampani ezizimele zazoseka ukuthi sikwazi ukuhlanza indawo okuyizigodi ezintathu esiqale ngazo ngoba sizowenza izigaba ezihlekene, Siqale eMbucwane, EMasimini nasePhayiphini okuyizigodi esibone ukuthi umonakalo wokungcola musumkhulu kakhulu ingako sizoqhubekela kwezinye zezigodi ngenyanga kaNcwaba, okunye okungithokozisayo ukusebenzisana okuhle nekomiti esisebenza nalo KwaMpumuza Traditional Counsil kanjalo namalunga omphakathi abingxenye siyabonga kakhulu ” kuphetha iNduna Mnunzane Nyandu

INkosi KS Zondi wesizwe saKwaMpumuza ulishayele ihlombe lohlelo olwenzeka kulezogodi wasebonga nakwiminyango yonke ebingxenye kakhulukazi kwithimba ebelihlela lohlelo loluhlanza kwendawo.
“Sibonga kakhulu ngalohlelo olumqoka kakhulu luzonqanda ukwanda kwezifo njengoba ukungcola kugcina kudala nezifo endaweni, okusenhliziyweni yami ukuthi sibenendawo ezothuthukisa abantu abasha kakhulukazi ekuqeqeshweni ukuze babenolwazi ngezinto okumele zilahlwe nezingalahlwa bazisebenzise ekuzithuthukiseni kuhlelo lwe “Recycling” okungagcina kudala namathuba omsebenzi kufukuleke nomnotho KwaMpumuza kuphetha INkosi KS Zondi.

Iminyango ebambe iqhaze kulomkhankaso wokuhlanza lezigodi uNational Department of Environmental and Forest, Msunduzi Municipality, Department of Economic Development, Tourism and Environmental Affairs, Umngeni UThukela Water kanye nabakwa Aquele abaxhase ngeziphuzo zokuthiba ukoma kumalunga omphakathi abambe iqhaze kulohlelo lokukhuculula ukungcola endaweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link