Bhekizizwe Media Reporter
Njengoba siwuphetha unyaka ka 2024, iNingizimu Africa ingene emlandweni emva kweninyaka engu 30 lezwe likwintando yeningi kukhandeke uhulumeni omusha obizwa nge *GNU* Government of National Unity emva lwango 29 Meyi 2024, Lokhu singasho singahlonizi izigi zoMkhonto Wesizwe Party kujike isimo seezepolitiki eNingizimu Africa ukubakhona kweqembu eliholwa owayenguMengameli wakuleli UMnu Jacob Zuba ongaconsi phansi kubantu baseNingizimu Africa.
Noma ukwazile ukudonsa abaholi abanohlonze uMkhonto Wesizwe waphinda wazidlela amahlanga eKZN okhethweni lukaZwelonke kodwa akuzange kulivimbe ekutheni lingahaqwa izinkinga leqembu loMkhonto Wesizwe.
Esikhathini samanje noma imuphi umuntu unelungelo lokuqala elakhe iqembu lezepolitiki sibonge kwinkululeko eyafika kanzima eNingizimu Africa, yize ikhona kodwa ukudonsiswana emaqenjini ezepolitiki kugqame kakhulu kunyaka ka 2024.
Inhlangano entsha uMkhonto Wesizwe Party eholwa ngowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma elinye leqembu elidonse amehlo abezindaba ku 2024.
Izigameko ezidonse amehlo kwi MK Party eyokusuwa kukaMnu Mandla Khumalo okunguye owabhalisa iqembu kwathi sekusondela ukhetho luka 29 May 2024,wasuswa esikhundleni wasefaka izikhalazo enkantolo yamchitha, okwathusa nokwashiya imibuzo ukuthi kwakuyini eyenza ukuthi azasolwe ngokucaphuna amaqatha amaningi esikhwameni engabonisene nangamele nabo iqembu? Kanti wengave yini ebhalise iqembu ukuze azoshintsha izimpilo zabantu kwiMK? Kona uzamile ukulwa uKhumalo wagcina ekhishwa nakwi list yasephalamende likaZwelonke.
Kona intuthu yezinkinga iqhubeke njalo yakapakela nakwisifundazwe iKwa Zulu Natali kwiMK, kwasuka esinamathambo emva kokhetho sekukhishwa amagama abazofungiswa kwisishiyamathetho eKZN, bakhishwa abaholi ababephambili kwafakwa abanye.
Noma zibekhona inxushunxushu kwi MK kodwa sibonga igalelo layo lokwenza kahle okhethweni laba iqembu lesithathu elikhulu eNingizimu Africa, KwaZulu-Natali kubeyilo elivotelwe kakhulu lathola 47%.
Ukubunjwa kweGNU singasho singakuhlonizi kube izigi zeMK ezenze izitha zambatha ndawonye okubalwa iDA neIFP kanye ne-ANC bakha uhulumeni wokubambisana ongazange uthele zithelo ezinhle ngo 1994 lohulumeni wokubambisana lezwe selake laba kuwona.
Khonamanjalo uMkhonto Wesizwe Party okuwusalele ukukhipha amazambane abolile angcolisa lenhlangano njengoba kubhekwe kukhetho loMasipala ngo 2026 kuyophinde kubenzima ukuphatha uma ingakolibheki lodaba lokubekwa kwabaholi kwizigceme.


Udaba oludonse amehlo kakhulu kwiMK ukungena kwabaholi abasuka kwi EFF okubalwa kubo Floyd Shivambu, Dalo Mpofu kanye noAdvocate Mkhwebane besuka kwi-EFF, kungakopholisi maseko kuphinde kwangena umholi oqavile eKZN okewaba uNdunankulu uMnu Willies Mchunu osephethe sokuba uProvincial Convener KwiMK Party eKZN.
Ukuba nezinkinga zokubekwa kwamakhansela okuyinto ekumele bayisukumele njengoba kubalwa izinyanga kuqale ukulungisela ukhetho luka 2026.


Khonamanjalo iphinde yasematheni MK kwi Moses Mabhida Region eMgungundlovu eKZN kuWard 2 lapho Umkhonto Wesizwe Party ubenamakhansela amabili abengenela ukhetho okufike kwawudida umphakathi ngoba muzobheka imiphumela yalolakhetho iMK yashoda ngamavoti amubalwa ukuze ilunqobe ukhetho lwaseMsunduzi Ward 02.
Okuzosiza kuphinde kukhulise uMkhonto Wesizwe Party ukuthi ubuholi besifundazwe obuholwa uMnu Willies Mchunu obenguNdunankulu waKwa Zulu Natali okumusalele ukubuyela kumagatsha eqembu kuzokwakhiwa kabusha ubuholi, kususwe amazambane abolile angcolisa igama lenhlangano kuphinde kufundiswe amalunga ngokubaluleka kokuziphatha masumele abantu abasuke bekuvotele.