Nkosingiphile Ntombela
Umcimbi wokokumelisa abafundi abenzekahle ezikoleni zaKwaMpumuza eMgungundlovu, Kwa Zulu Natali ubesezingeni likazwelonke njengoba kade ubuya ihlandla lesine. ISibiya Funerals ibambisene neMpumuza Traditional Authority beqhubekile nokuphakamisa ifulegi lezemfundo ngokukomelisa abafundi abaphase kahle KwaMpumuza.



Evula umcimbi uMnu Vusi Sibiya weSibiya Funerals uchaze ukubakuleka kwemfundo endaweni yaKwaMpunuza okuyindawo athe baningi akhule nabo abamukhuthaze ekutheni anikele ebalula uSihlalo weSantaco uMnu Boy Zondi ongowokuzalwa naye KwaMpumuza.


Lomcimbi obubanjelwe eBlackburn Stadium mhlaka 24 kuMasingana kulenkundla yezemidlalo ebigcwele phama izihambeli kanye namalunga omphakathi akade ezozibonela izingane ezimele lendawo yaKwaMpumuza eholwa iNkosi K. S Zondi. Kuhlokome izihambeli sekufika usekela Mengameli wezwe uMnu Paul Mashatile obehamba nezikhulu zikahulumeni wesifundazwe nakuhulumeni kazwelonke.
Ethula inkulumo usekela Mengameli wezwe eNingizimu Africa UMnu Paul Mashatile uqale wabongela isizwe saKwaMpumuza sokuba nobuholi obuyibeka phambili imfundo uphinde waphakamisa ukuthi uzimisele ukusebenzisana namakhosi njengoba kungezinye zezinhlelo ezisophikweni lakhe, uMnu Paul Mashatile uphinde waphakamisa ukuthi uzobamba inqgunqguthela namakhosi lapho kuzodingidwa izindlela ezintsha zokuyisa phambili isizwe nokuthuthukisa kwezwe ngokubambisana namakhosi.

Ongungqongqoshe weMfundo ephakeme kuzwelonke uDr Nobuhle Nkabane ubongele abafundi bakwaZulu Natali ngokwenzakahle balala isibili kuzwelonke uqhathanisa nezifundazwe eziyisishagalolunye. Enkulumweni kamphathiswa wezeMfundo ephakeme okujabulise izakhamuzi ebezithamele lomcimbi ukuthi uDr Nobuhle Nkabane umemezele ukuthi abafundi baKwaMpumuza bonke abaphase kahle baphuma phambili bazobakhokhela zonke izidingo nasezikoleni abathathwe kuzo bazebayoqeda okuwuhlelo abathe bazobe bemgadile lowomfundi ohlomule kulo bewuhulumeni kodwa akugcizelele uthe kumele kube izikole ezibhaliswe ngokusemthethweni.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media INkosi K.S Zondi income kakhulu amagalelo noxhaso uMnu Sibiya alwenzayo ukuze lomcimbi ubimpumele uphinde wakhuthaza izikole ukuba zenyuse amasokisi nakulonyaka ka 2025 “Sibonga kakhulu uMnu Sibiya weSibiya Funeral ngokubambisana okuhle kakhulukazi ekuxhaseni lomcimbi wokukomelisa abafundi, ngibonga kakhulu nekomiti esibambisene nalo ekwenzeni losuku lwaba impumelelo ngidlulisa ukubonga kakhulu nakubonke abenze losuku lwaba impumelelo nokuthi bazosizingatha kakhulukazi uhulumeni kazwelonke nosekela Mengameli uMnu Paul Mashatile ngibonga ukuthi agcine isethembiso ayesenzile sokuthi uzobuya kulendawo esezosekela izinhlelo zaseNdlunkulu ngibonga nezikhulu ezisuka kuhulumeni wesifundazwe saKwaZulu Natali ebeziholwa uMnu Sboniso Duma ongungqongqoshe kwezokuthutha esifundazweni saKwaZulu Natali” kuphetha INkosi K.S Zondi.

Okuhlalikile kulomcimbi abafundi bakulesizwe balinyusile izinga kuze kwahlomula nothisha babo ngezitifiketi ngokuzimisela kwabo, abafundi abayishumi abahambe phambili bahlomule ngezipho okubalwa kuzo nama laptop, kuphinde kwanikezelwa ngomfaniswano ezikoleni ezisemabangeni aphansi ezakhele indawo yaKwaMpumuza.
Izikole ezihambe phambili ngezindodo kubalwa kuzo iSt John Paul II kanye Ngcedomhlophe High School ezibe nabafundi abahlomule ngezitifiketi ezine kuya kwezinhlanu umfundi ngamunye.
Lomcimbi ubeyimpumelelo nezihambeli zaziphatha kahle okuyinto ejwayelekile KwaMpumuza abantu bakhona bayawuhlonipha umcimbi oholwa Indlunkulu okuyinto ewukukhombisa kokuba isizwe esiphokophelele ukuya phambili kakhulukazi ezintweni ezithinta imfundo.
Uhlelo beluphethwe intandokazi uZimdollar Zimiphi Biyela womsakazo omkhulu e-Africa naseNingizmu Africa Ukhozi FM eshiyelana inkundla noMeya waseMgungundlovu District uMnu Mzi Zuma.