Nkosingiphile Ntombela
Udaba olusematheni kulezinsuku lodaba oluthinta Ikhansela laku Ward 2 eMsunduzi uMnu S.R Ntuli unabe kabanzi ngendlela ahlukumezeke ngayo njengoba ephethe.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uthi ezinye zezinto ezimenza abukeke kabi uthi kade zamuqala izinkinga kulesigceme kodwa akaze akhulume ngazo ngendlela ahlukumezeka ngayo.
“Ngibonga ithuba lokuthi nginikwe ithuba ngizochaza,okwenzekayo ukuthi mina njengekhansela zikhona inkinga ezinye zazo zidalwa abantu ekumele ngabe bayangeseka ukuze siyise phambili,kulodaba engiluzwe kuthiwa liko Facebook mina angiyena umuntu wezinkundla zokuxhumana kodwa kungiphathe kabi ukuzwa sengibekeka ngendlela engeyona.
Odabeni lokuthi kwabakhona ukuphambana ngamazwi nabasebenzi ababekwi ward engiphethe engangiyokwenza ngangibizwe umphakathi owawukhala ngokuthi kunabantu abazosebenza abathi bathunywe umkhandlu ekubeni mina njengekhansela ngingabikelwanga.
Kulesigameko ngangifuna incazelo egcwele njengomuholi ,ngibonga kakhulu ku CFO uMrs Ngcobo owagcina ekwazile ukuzokhalima isimo ngoba njengoba ngibekiwe ngiyihlo nendlebe yomphakathi,uma kunezinto ezenziwayo akumele ziphuke ngemuva kwami futhi nohlelo lokunika amathuba abantu kumele luhambe kahle lungayi ngezihlobo ” kunaba uKhansela S.R Ntuli.

Khonamanjalo ukhansela Ntuli ukubeke kwacaca wathi wamumholi kuningi okushiwo ngawe ngeshwa ungeke wakwazi ukuziphendulela ngoba kusuke kubhekwe ekutheni igama lakho lidicilelwe phansi kakhulukazi musebenzela umphakathi ngokwethembeka.
Kuzokhumbubuleka ukuthi uKhansela SR Ntuli akayena umafikizolo ekusebenzeleni umphakathi njengoba eneminyaka enga 20 ehola umphakathi obuyiswe yiwo umphakathi ukuthi azowuhola ngaphansi kweqembu leNkatha Freedom Party ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela ngoMashi wangonyaka odlule ladlakhona amahlanga ehlitha Ward 2 obuphethwe i-African National Congress.