Nkosingiphile Ntombela
Ukusebenza ngokuzikhandla nokuzinikela ezinye zezinto ezenza umholi avelele emphakathini kakhulukazi mayebeka phambili abantu abaphethe.
NgoMgqibelo zingu 28 kuMandulo ka 2024 izinsizwa zesigodi saseMpushini KwaMpumuza zenze okungajwayelekile zihloma uphaphe legwalagwala uNduna uQwabe ngomsebenzi omuhle awenzela umphakathi njengenduna.
Okuhlalukile kulomcimbi wokuzobonga amagalelo eNduna uQwabe amalunga omphakathi okubalwa kuzo izinsizwa zesigodi nezakhamuzi bezivumelana ngazwi linye zithi bazimisele ukusebenzisana neNduna noma ngabe kuqhamuka ziphi izinhlelo iNduna uQwabe bacela ibazise bazobambisana ukuze kukhuliswe isizwe nendawo ngokubambisana kakhulukazi njengoba bewabona amagalelo akhe njengomholi oqotho.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uNduna uQwabe obechichima injabulo uthe “kuyintokozo ukuthi ngomsebenzi engathenjwa ngawo ukuthi ngiwenzele umphakathi kukhona asebebona indima engidlalile bangakufihla lokho okuhle engilwenzayo, kungikhuthaza kakhulu ngiswele imilomo eyizinkulungwane yokubonga kumphakathi waseMpushini nangokungithemba emsebenzini engiwenzayo, okungijabulise kakhulu ukuzwa amalunga omphakathi engiwuholayo ethi azimisele ukusebenzisana nami. Ngibonga kakhulu nangegusha eliyisipho engiphiwe, kwande labethathe khona.
Khonamanjalo amalunga omphakathi waseMpushini aphinde adlulisa isipho sokubonga kwiNkosi K.S Zondi ngokuba neso elibukhali masekuza ekuphatheni ngendlela isizwe nokusebenza ngokuzikhandla amupha igusha elamukelwe iNkosana Sandile Zondi.