Ukusebenza kanzima nokuzinikela ekuthuthukiseni ikusasa lemfundo yomuntu omnyama eNingizimu Africa ezinye zezinto ezimqoka ebezidingidwa kumhlangano wesifundazwe weKZN – National Association of School Governing Bodies okuwuhlaka olumqoka ekulawuleni kwezikole eNingizimu Africa.
Namuhla ngezi 16 KuLwezi lenhlangano ibambe umhlangano obuhambisana nokuqokwa kwabaholi abasha ibanjelwe eSadtu House kuSmith Street eThekwini. Kulomhlangano odonse amahora kuqokwe ubuholi obusha okungcine kuqokwa uMnu Lungani Makhathini obebambe sokuba usekela Nobhala wesifundazwe oseqokwe kwesokuba uSihlalo wesifundazwe saKwaZulu Natali kwi National Association of School Governing Bodies.
Ekhuluma nabezindaba uLungani Makhathini akuphawulile ukuthi njengoba esebhekele isifundazwe umsebenzi suzoba semahlombe ekutheni zonke izikole ezinezinkinga zobuholi nezinye ezithinta izinto eziphazamisa ukufunda uzozibeka phambili kodwa loko uthe uzokwenza ngokubambisana nothisha kanye noMnyango wezeMfundo kanye nabazali babafundi kubanjiswene nabahloli bezikole Kwa Zulu Natali” kuphetha uMnu L. Makhathini.
Khonamanjalo uSihlalo wesifundazwe kwi NASGB uMnu Makhathini ubesefisela bonke abafundi ababhalayo njengoba sebezophothula ukubhala izivivinyo zamatikuletsheni ukuthi babhale kahle ubafisela konke okuhle.