Usola isandla esinoboya umqeqeshi woSuthu

Akawuvali umlomo indlela ezithathwe ngawo izinqumo umqeqeshi woSuthu elithelwe ngehlazo kwiNdebe eNedbank Cup.

Umqeqeshi wamaZulu uPablo Franco Martin uthi ekushayweni kwabo kowamanqamu weNedbank Cup ngo 4-2 yi-Orlando Pirates kub yihlazo nehlazo ezweni.

“Lena inkinga lapha ukuthi umdlalo unqunywe ngabantu abangewona abadlali. Futhi ihlazo! Ihlazo elikhulu. Sinqobe isigamu sokuqala, noma ngabe i-score-board isho into ehlukile. Sinqobe isigamu sokuqala!”

“Kodwa ekugcineni ngaleli phuzu, kungathi banqobe ngendlela efanele futhi akulona iqiniso, yinto eyenzeka isizini yonke NamaZulu, imiphumela inqunywa ngomunye umuntu, ocabanga ukuthi asinawo umndeni, ukuthi asisebenzi kanzima kakhulu.”

Ibhakabhaka selingene kowandulela amanqamu osekunamaqembu asengenile okuyi Mamelodi Sundowns, Stellenbosch FC. Sekusele wodwa umdlalo ozocacisa kwezongena kondulela owamanqamu eMbombela Stadium okuzobhekana iqembu le TS Galaxy neChippa United ngehora lesithathu ntambama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link