Nkosingiphile Ntombela

Ukuziphilisa ngethalente eNingizimu Africa kakhulukazi kwezikaqedisizungu kunezingqinamba zakhona kodwa akusho ukuthi mawiciko ungabe usulahla ithawula mazikuhlasela ngoba yonke imkhakha izinigigaba zakhona ezinhle nezimbi, okwenza uyephambili ukusebenza kanzima nokuhlonipha umsebenzi wakho.

Isithombe: Intokazi yaseNoshezi eNadi eMgungundlovu uNtokozo Mpulo esingene emculweni yakhipha nenoni elishisa izikhotha elithi “Akasabuyi ekhaya”

Umkhakha wezikaqedisizungu ngeminye uhulumeni ekumele ayifakele izibuko kakhulukazi ekuthuthukiseni abaculi abasebasha njengoba kuwumkhakha ogubuzelwe izinkinga kodwa azinakwa njengoba abesifazane besadonsa kanzima ekuzakheleni igama nasekuqashweni kwimcimbi emkhulu esuke ixhaswe uhulumeni.

Yize kunezingqinamba kodwa intokazi yaseNoshezi eNadi eMgungundlovu uNtokozo Mpulo obizwa ngoNomanzi ungene kwacaca kwezomculo njengoba ekhiphe ingoma yakhe entsha ongayithokozela mawidlala “online”.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uNomanzi ukhale nangendlela amaciko esilisa abaphatha ngayo njengoba kusagcwele bona kakhulu kulemboni.


“Umculo ngiwuqale ngokugcwele ngo 2020 futhi ngizalelwe ekhaya elikhule ngomculo kuculwa ngagcina sengingena kulohlobo lwe Afrosoul, inkinga ezikhona kwimboni angeke ngazifihla thina simaciko esifazane o” producer” babuye bafune ukusebenza nathi kodwa bafune ukufeza ezabo izihloso ezingezinhle njengoba bazi kuyabiza ukwenza ingoma nje eyodwa ingako mawiciko kmele uzihlanganisele ufike uqophe ukhokhe besubuyela lawukhona ngoba kuningi okugcina kusicindezela thina maciko esifazane, nasemcimbini sicela ukunikwa nathi ithuba kubanzima ukubona imcimbi eloku kuthiwa ezothuthukisa amaciko kodwa kuba amaciko awodwa nathi sicela ukunikwa ithuba elifanayo siqashwe sikwazi ukubeka isinkwa etafuleni ngomculo wethu” kuphetha uNomanzi.

Ingoma entsha kaNomanzi Umculo kaNomanzi iyatholaka kuma “Digital Stores” koYoutube, Itune, Spotify nakwezinye.


Okuhlalikile uNomanzi uzimisele ekuzikhuliseni kwimboni njengona ewumlingisi osebenza ngokugcwele e”Theatre” okuwumsebenzi awenza ngokugcwele. Ungamlandela kwinkundla zokuxhumana : Ntokozo Mpulo

Share via:

0 Shares
Share via
Copy link