Abomnyango wezokuthutha belule isandla kwimndeni elahlekelwe amalunga omndeni kwingozi edlule nabahlanu KwaMpumuza

Nkosingiphile Ntombela

Ilusukumele phezulu udaba lokudlula kwamalunga omphakathi umnyango wezokuthutha kwingozi eyenzenze zingu 4 kuNcwaba lapho itekisi yaphunyuka kumshayeli yayongena esikoleni iSiyahlomuka Primary School.

Kulengozi kuphangalale abane ngesikhathi owesihlanu udlule esesibhedlela.

Ukusukumela phezulu kwe komnyango makuhambe amalunga omphakathi kukhombise isithombe esihle njengoba kusukume nezimeya zazokhalisana nemndeni elahlekelwe ngenxa yengozi yetekisi edlule nabahlanu.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe uKhansela Khulekani Msomi okunguye owafika nakwisigameko ezobabaza umhlola, unabe kabanzi njengoba kwathi wenzeka lomshophi wahambela nemndeni yabalahlekelwa ehlonza izinto abangazidinga njengoba lemndeni isemanzini.

Lesigameko sokudlula kwamalunga ayisihlanu kwi Ward kushaqise kakhulu ingako kwangiphoqa njengeKhansela ukuthi ngiphuthume ngibheke lemndeni elahlekelwe ukuze sibheke esingasiza ngakho kakhulukazi ukulungisela ukubeka lamalunga asedlulile.Engakusho namuhla ngokusekwa uhulumeni wesifundazawe osefikile ngingaqinisekisa ukuthi inkonzo yesikhumbuzo izobakhana ezinkundleni zezemidlalo ePhayiphini namuhla kulwesine izobe iholwa umnyango kaMhlonishwa uSboniso Duma okuwumnyango wezokuthutha “ kuphetha uKhansela uMsomi.

Isithombe: Izikhulu ze African National Congress kwi Moses Mabhida Regionz zihambisana no Khansela uKhulekani Msomi noMhlonishwa uNgqongqoshe Sboniso Duma bezobhonga emswanini emndenini elahlekelwe kwingozi yetekisi.

Imndeni ehanjelwe uzifikele mathupha uNgqongqoshe wezokuthutha uMhlonishwa Sboniso Duma ebamba nezikhulu ze ANC ngaphansi kwe Moses Mabhida Region zizobhonga emswawanini, ziphethe nezinsiza ezizosetshenziswa njengoba kuzokungiselelwa ukubekwa kwababhubhe engozini yetekisi KwaMpumuza.

Isithombe: uMhlonishwa uNgqongoshe Sboniso Duma edlulisa amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe amalunga omndeni kwingozi eyenzeke KwaMpumuza eMgungundlovu

Abanhlangano yemboni yezokuthuka iSantaco bathe izindleko kanye nokufihlwa kwababhubhe engozini yetekisi kuzoba semandleni enhlangano bazokwenza konke ukuthi amalunga omphakathi alimale engozini afihlwe ngesizotha bazokwenza konke okuthinta izindleko zomncwabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link