Umdlalo olindwe ngabovu lapho kuzobhekana khona amaqembu okuyiwona okubhekwe ushampeni kulesigaba se ABC Motsepe Leauge eKZN, uMkhambathi Football Club okuyiqembu elizinze eMgungundlovu lizobhekana neqembu lase Msinga okuwu Umsinga United nayo ebheke ukudlula kulesigaba njengoba zizogadulisana eHarry Gwala Stadium ngeSonto ntambama ngehora lesithathu.
Iqembu loMkhambathi linamaphuzu angu 42, Umsinga United unamaphuzu angu 40 okusho ukuthi lomdlalo ungu wafa wafa njengoba lomdlalo kowokusonga iligi.

Namuhla uMkhambathi FC ukhiphe isitatimende ucacisa ngemibandela ezolandelwa njengoba kuwumdlalo ogadwe ngabovu lamaqembu.
Kwisitatimende bathi izinhlaka zezokuphepha kufakwa neSaps zizobe zikhona kanye nezinye zezokuphepha ezizimele ukuze kuzogwemeka ukungalawuleki kwabalandeli. Baphinde bagcizelela eyokuthi utshwala abuvumelekile enkundleni, utshwala obusebhodleleni nabo abuvumelekile kanjalo nezikhali azingeni enkundleni.

Lomdlalo uzocacisa ukuthi kulamaqembu iliphi elizongena kowokuhlungela ukungena kwi Motsepe Premiership okuyisigaba esandulela iDstv Premiership eNingizimu Africa.