Kuhlomule abantu abasha ngezinsiza KwaZayeka.

Nkosingiphile Ntombela

Ubuholi bendabuko okusebenza ngokuzinikela emphakathini kuletha izithelo ezinhle ekuthuthukiseni nasekufukuleni umphakathi , kuzozonke izinhlaka kakhulukazi nakwezemidlalo okungezinye zezinhlelo ezimakhayo umuntu omusha aqhele kwizidakamizwa masezenzweni ezingalungile.
NgeSonto zingu 28 kuMbasa umkhandlu wakwa Zayeka oholwa iNduna Mnu P Ndlovu ihlomulise abamaqembu ebhola ngamajezi nangamabhibhi okuzivocavoca. Kuloluhlelo obelubanjelwe khona Kwa Zayeka kuhlomule abadlali bebhola abayikhulu.

Isithombe : Amalunga omkhandla waKwa Zayeka enikezela ngezinsiza zezemidlalo kwintsha.


Ekhuluma nabezindaba ongamele umkhandlu wakwa Zayeka iNduna Mnu P Ndlovu uchaze kabanzi ngokubaluleka kokuba umholi oneso elibukhali kakhulukazi ekuthuthukiseni intsha wathi ” Siwumkhandlu wakwa Zayeka sikhethe ukuzolula isandla kukaqembu ebhola ngenhloso yokuzobakhuthaza siphinde sikhombise ukuthi ezemidlalo siyazeseka ngoba zidlala elikhulu iqhaza ekugwemeni abantu abasha ekuzibandekanyeni kwizidakamizwa nokuma ezitolo lokho okungadala ukuthi bangabe besalawuleka bacwile ezidakamizweni.Sizoqhubeka sibenezinye inhlelo zokuthuthukisa ezemidlalo endaweni kodwa lokho kudinga sisebenze ngokubambisana siwumkhandlu kanye nawo umphakathi “kuphetha iNduna uMnu P Ndlovu.

Kuhlomule abadlali abayikhulu kulohlelo lomkhandlu wakwa Zayeka


Khona manjalo emva kokunikezelwa ngezinsiza zezemidlalo kubesekubanjwa umhlangano wezokuphepha nabezinkampani zabaqaphi bakhona endaweni. Benze izethulo zokuthi bazosiza kanjani ukuthi kuqine ezokuphepha endaweni ngokwehlukana kwabo bethulela umkhandlu. Ngakhoke sekuzobhekwa izethulo ezenziwe ilenzinkampani kubesekuhlonzwa ezosebenzisana nomphakathi ezothulwa masekubizwe ukhukhulelangoqo womhlangano womphakathi okobe kuzobhungwa amasu okuthi ingabhekeleka kanjani ekukhokhelekeni kubanjiswene nawo umphakathi.

One thought on “Kuhlomule abantu abasha ngezinsiza KwaZayeka.

  1. Syayibongela intsha kuhle kakhulu okwenziwe umkhandlu waka Zayeka.sibonge kakhulu nakwi 🔒bhekizizwemedia🙌🙌

Leave a Reply to Mbali Hlengwa Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link